Kuhlengwe amantombazane angu-16 abethunjelwe ucansi

2016-07-16 11:32

Johannesburg - Kuhlengwe amantombazane angu-16 kulabo abashushumbisa abantu endaweni yaseKempton Park eKurhuleni.

Umuzi onamakamelo amathathu nengadi enkulu usendaweni yesilungu ethule.

Amantombazane atshele amaphiysa ukuthi abehklukunyezwa ngokocansi ngamadoda angaphezu kwawu-100, intombazane encane kuwo ineminyaka engu-15 ubudala.

OLUNYE UDABA:Abakuleli baboshelwe ukushushumbisa eZim

Amanye amantombazane athunjwa amanye ahehwa ngokuthenjiswa imisebenzi.

"Intombazane eneminyaka engu-15 ubudala ithe yalethwa ngabantu abadabuka eNigeria emasontweni amabili adlule ayithembisa umsebenzi, yafika kanjalo kule ndawo.Uphinde wathi akayazi indawo, uvalelekile nje," kusho uKhomisahna wmaphoyisa eGauteng uMajor General Suzan de Lange."Omunye uthe wafika nomngani omunye wathi wathunjwa. Iningi labo nje lithi lathenjswa imisebenzi," kuqhuba uDe Lange.

Ngaphakathi endlini, bekugcqwele amakhondomu amasha nasesebenzile phansi.

Amakamelo angcolile abenemibhede eminingi nomantrasi ekhoneni lekhishi.

La mantombazane atshele amaphoyisa ophiko loKlebe nawe-Aouth African Police Services (SAPS) ukuthi ayehlukunyezwa, enikwa izidakamizwa futhi elamba, kubika i-eNCA.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...