Kuhlengwe amadoda abengasayiboni indlela eTable Mountain

2017-12-15 12:33

Cape Town - Amadoda amathathu athathwe ngendiza enophephela emhlane entabeni iTable Mountain ngoLwesine ntambama ngemuva kokulahleka ngesikhathi eqwala intaba, kusho bosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 uRussel Meiring, uthe abosizo lokuqala baphuthume endaweni yesigameko ngoLwesine ntambama. La madoda atholwe ePorcupine Ravine ayobekwa kahle endaweni evulelekile.

OLUNYE UDABA:Owesimame utholakale eshonile entabeni yaseKapa

Akucaci ukuthi la madoda ngawakuleli noma ayizivakashi na.

Akekho okubikwe ukuthi ulimalile kuwona.

UMeiring ululeke izakhamuzi nezivakashi ukuba uma zihlela ukuyoqwala intaba kula maholidi ziyihlele kahle indlela zisanesikathi ukuze zizogwema ukuduka.

"Abantu bamagcine zonke izinombolo ezibalulekile zosizo oluphuthumayo komakhalekhukhwini baphinde bapakishe nezinsiza zezimo eziphuthumayo namanzi anele ukugwema ukuphelelwa ngamanzi emzimbeni," kuqhuba uMeiring.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...