Kuhlengwe abangu-26 endlini 'yabaqwayizi'

2016-12-17 10:17

Rustenburg – Babalelwa kwabangu-26 abesifazane nezingane abahlengwe endlini okusolwa ukuthi igcina abaqwayizi eKlerksdorp eNorth West ngoLwesihlanu, kusho oKlebe.

"OKlebe bancinzwe indlebe ngendlu okusolwa ukuthi isetshenziswa abaqwayizi okungeyomuntu wangaphandle,” kusho uCaptain Tlangelani Rikhotso, okhulumela oKlebe eNorth West. 

"NgoLwesihlanu ekuseni oKlebe bagasele kule ndawo bakwazi ukuhlenga abesifazane nezingane, abaphakathi kweminyaka engu-14 kuya kwengu-37 ubudala.. Bonke abahlengiwe bangabaseNingizimu Afrika kodwa baphuma ezingxenyeni ezahlukene zezwe,”kusho uRikhotso.

OLUNYE UDABA: Kulimale abantu kuphethuka itende kobuhanjelwe uZuma

Kutholake abesilisa abangu-19 kule ndawo kanti bonke bavalelwe ngenhloso yokuba baphekwe ngemibuzo.

"Akukaboshwa muntu okwamanje, kodwa oKlebe bathungatha okusolwa ukuthi ungungqondongqondo kulokhu. Uphenyo luyaqhubeka.”

 - ANA

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...