Kuhlengwe abangu-20 abebevaleleke eliftini eThekwini

2017-11-15 11:02

Durban - Kuhlengwe abantu abangu-20 ngemuva kokuba bevaleleke amahora angaphezu kwamabili eliftini eThekwini.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe ngabosizo lokuqala, iNetcare 911, baphuthume ebhilidini elimaphakathi nedolobha iTheku beyosiza.

Imibiko evela endaweni yesigameko iveza ukuthi uchwepheshe wenkampani yamakheshi ubekhona kuleli bhilidi kodwa engakwazi ukungena kulo ngoba belibhajwe phakathi kwesitezi sesi-15 nesesi-16.

OLUNYE UDABA:Utholwe eseyisidumbu owavaleleka eliftini

Lo chwepheshe wenze imizamo eminingi ukusiza abavaleleke eliftini ngaphambi kokuba kubizelwe abosizo lokuqala endaweni yesigameko.

Ngemuva kwesikhathi eside i-lifti ibe seyehliselwa esitezi sesine lapho okugcine kuvuleke khona iminyango.

Abosizo lokuqala baphuthume banikeza abantu abangu-6 okubalwa kubo owesifazane okhulelwe usizo, abanye abantu baphume bekhasa ngamadolo eliftini.

Bonke abantu balashelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela beyoqhutshekwa nokwelashwa.

Isigameko siyaphenywa.



 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...