Kuhlehlisiwe ukukhishwa kombiko ngokucwasa esikoleni samantombazane

2016-11-30 11:29

Pretoria – Kuhlehlisiwe ukudedelwa kombiko ngezinsolo zokucwasa ngokobuhlanga ePretoria High School for Girls obekulindeleke ukhishwe uNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi.

NgoLwesithathu ekuseni uMnyango wezeMfundo esifundazweni uthe luzobuye lumenyezelwe usuku okuzokhishwa ngalo lo mbiko.

OLUNYE UDABA: Kuduke ingoduso ekhonza kwaShembe

Ngo-Agasti, abafundi abamnyama babhikisha bekhala ngemithetho emayelana nezindlela abenza ngazo izinwele zabo ezikoleni.

Amantombazane athi imithetho yesikole ibavimbela ukuluka izinto ezifana namagoda, ukwenza imiyeko nokuxhuma izinwele ngendlela abayithandayo.

Ngokomqulu wemithetho yalesi sikole osekhasini lika-36, kuvumelekile ukuthi la bafundi baluke amasingili, i-straightback noma imiyeko uma ingu-10mm.

Zonke izinwele kufanele zikanywe zibhekiswe emuva noma ziboshwe, zingasithi ubuso.

Amasingili amade kufanele ahlezi eboshelwe emuva kanjalo ne-starightback futhi silukwe sibhekiswe emuva. Lezi zitayela akumele zihlotshiswe noma zifakwe ubuhlalu ekhanda.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...