Kuhlehlile ukuqulwa kwelokubulawa kukaKarabo Mokoena
2018-03-19 11:03
Johannesburg - Ukuqulwa kwecala losolwa ngokubulala owesifazane kuhlehliselwe umhlaka-16 Ephreli.
Ukuqulwa kwaleli cala kuzohlala amasonto amathathu kusukela ngomhlaka-16 Elphreli.
USandile Mantsoe uvele kafushane eNkantolo eNkulu yaseGoli namuhla (ngoMsombuluko).
UMantsoe usolwa ngokubulala owayeyintombi yakhe uKarabo Mokoena ekuqaleni konyaka odlule.
Usolwa ngokuyokhela ngomlilo nokufihla isidumbu emgqomeni eBramley.
OLUNYE UDABA:'Ushadile futhi unezingane ezintathu' osolwa ngokubulala uKarabo Mokoena
UMantsoe uziphikile izinsolo, watho kungenzeka ukuthi wazibulala.
Kodwa umbuso uthi uMantsoe wavuma ngokwakhe ukuthi wamubulala.
UMantsoe kusukela anqatshelwa ibheyili uqgunywe esitokisini.
Ubhekene namacala okubulala, ukuphambana nengalo yomthetho nokushaya ngenhloso yokulimaza.
- eNCA
- News24