Kuhlaselwe umshayeli we-Uber ehambisa izithandani ekhaya

2016-11-28 13:30

Durban - Iqoqo lamadoda livimbezele imoto ayishaya ebuza umshayeli ukuthi ngabe usebenza ngaphansi kwe-Uber na.

Iithandani ezisanda kuthembisana umshado bezibuya e-Irish Oak ngeSonto phakathi kwamabili ngesikhathi zihanjiswa yitekisi ye-Uber.

Lo mshayeli ubehambisa lezi zithandani eBallito ngesikhath zihlaselwa yiqulu lamadoda.

OLUNYE UDABA:Kusolwa onogada baMpisane ngokushaya umshayeli we-Uber

Lawa madoda akhiphe imoto yalo mshayeli emgwaqeni ase eganklaza le moto ngaphambi kokuba bamubuze ukuthi ushayelela i-Uber na.

Lo mshayeli uvele waphika wathi uzishayelela yena imoto yakhe, base beyamyeka wahamba.

Uthe ubecabanga ukuthi usephunyukile kanti kuzoma enye imoto yohlobo lweHilux phambi kwabo, kwase kuphuma amadoda amaningi ase eyamshaya.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...