Kuhlaselwe omunye umshayeli we-Uber, kwashiswa nemoto

2017-09-27 18:00

Johannesburg - Sekuhlaselwe umshayeli we-uber, kwathungelwa nemoto yakhe ngomlilo eKempton Park, empumalanga yeGoli.

Le ndoda ihlaselwe yiqulu labantu ngesikhathi ihlezi ngaphakathi emotweni ngoLwesibili ebusuku.

Lesi sigameko sakamuva sokuhlasela sibeka isibalo sezigameko zodlame oluphakathi kwabashayeli be-Uber nabama-meter taxi esezibikiwe, ku-300 selokhu kuqale unyaka.

OLUNYE UDABA:Isithombe: Kuhlaselwe kwashiswa umshayeli we-Uber ePitoli

Sekuvulwe amacala angaphezu kwangu-160 emaphoyiseni, kanti bangu-20 abasolwa asebeboshiwe. Akekho osalahlwe yicala.

Udlame phakathi kwabe-Uber nabama-meter taxi selunyuke kakhulu kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule, njengoba kwesinye isigameko kwaze kwabulawa nomshayeli we-Uber.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uKay Makhubele, uthe iqembu labantu abayishumi lithole lo mshayeli epakile, ehlezi ngaphakathi emotweni labe selimngenela ngesibhaxu ngaphambi kokushisa imoto yakhe.

"Ukwazile ukubaleka abizele namaphoyisa endaweni yesigameko kodwa ngesikhathi amaphoyisa esefika abasolwa besebebaleke bonke."

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...