Kuhambe kabi koshayasibhamu bethi bebulala ubaba kanti bazobulala indodana

2017-11-24 11:00

Durban - Owesilisa oneminyaka engu-23 ubudala ushonile ngemuva kwesigameko okukholakala ukuthi bekumele kubulawe kuso ubaba wakhe oyisikhulu sikaMasipala weTheku osanda kumiswa emsebenzini.

Lo mlisa udutshulwe wabulawa eyongena ekhaya kubo eNew Germany, eThekwini, ngoMsombuluko ntambama.

Imithombo emibili yephephandaba iThe Mercury ithi lokhu kube yiphutha elenziwe oshayasibhamu ebebeqashiwe.

Omunye wabadubuli ubecabanga ukuthi uyena lo muntu abamfunayo ngesikhathi bedubula.

Kuthiwa ubaba uzwe kukhona ongqongqozayo wabe esecabanga ukuthi ngomunye wabangani bendodana wathuma yona ukuba iyohlola ukuthi ngubani osesangweni.

OLUNYE UDABA: BUKA: Indodana kaMugabe ithela iwashi layo likanokusho ngesiphuzo

Ngesikhathi efika umfana, oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu.

Okhumumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisle lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokubulala emaphoyisena asePinetown.

"Owesilisa, 23, udutshulwe ngezithuba zika-17:50 ntambama ngoMsombuluko ekhaya kubo eNew Germany."

Kuthiwa abasolwa benze lokhu maqede babaleka ngemoto abebefike ngayo.

Inhloso yokuhlaselwa kwalo mlisa ayikacaci kahle kodwa amaphoyisa ayaqhubeka nophenyo, esho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...