Kugxekwe uZuma, kwanconywa uGordhan emngcwabeni kaKathrada

2017-03-29 14:02

Johannesburg – UMengameli Jacob Zuma uthole okukhulu ukugxekwa enkonzweni yomngcwabo wesishoshovu somzabalazo, u-Ahmed Kathrada.

Lokhu kuza njengoba ilokhu yanda imibiko yokuthi uZuma uphezu kwezinhlelo zokuxosha uNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan.

NgoMsombuluko, uZuma uthole okukhulu ukugxekwa ikakhulukazi kwabamabhizinisi ngesinqumo sakhe sokuyalela uGordhan ukuthi akanqamule uhambo oluwuchungechunge lokuheha abatshali bezimali e-United Kingdom.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uvikela uZuma ngokunqamula uhambo lukaGordhan

Ngaphambili kuye kwavela imibiko yokuthi uZuma unxuswe umndeni ukuthi angalubhadi kulo mngcwabo kamakadebona we-ANC. Kodwa-ke inhlangano kaKathrada ikuchithile lokhu.

Kube nenkulu inhlokomo ngesikhathi lowo owayenguMengameli wezwe, uKgalema Motlanthe, efunda incwadi eyabhalwa nguKathrada eyibhekise kuZuma nalapho ayemxusa khona ukuthi abeke phansi izintambo. UMotlanthe uthe ukhethe ukungalulandeli usiko lwe-ANC lokuthi kuthulwe uma ngabe kunezinkinga.

Phakathi kwezinye zeziqubulo ezizwakale kubantu ababehambele le nkonzo yomngcwabo, kubalwa, nalezo ebezithi “Phansi ngoZuma, phansi”, kanti abanye bebezwakala besho sakuvuma bethi “phansi!”.

Ngakolunye uhlangothi uGordhan uthole okukhulu ukwesekwa, nokuze kwamvusela umunyu, wahlengezela izinyembezi. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Morning clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 16-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...