Kugxekwe unogada wesikole esiseSoweto osolwa ngokuwotawota odado

2017-10-12 12:30

Johannesburg - IPrivate Security Industry Regulatory Authority (PSIRA) ithi ibuhlungu ngodaba lukanogada wesikole samabanga aphansi esiseSoweto osolwa ngokunukubeza abafundi abangu-54 esikoleni.

I-PSIRA iqalise uphenyo kulesi sigameko esichaze njengesobulwane.

Lezi zinsolo zivele ngemuva kokuba omunye wabazali balezi zingane efake isikhalo esikoleni esise-Orlando East ngenyanga edlule.

OLUNYE UDABA:Unogada wesikole esiseSoweto uthweswe amacala amathathu okudlwengula

I-PSIRA ithi uma igama lalo nogada lingekho emabhukwini akwa-PSiRA, kuzothathwa izinyathelo ezifanele.

UMqondisi uManabela Chauke ugxeke lesi senzo, wathi bazama ukuthola ukuthi lo nogada ukhona yini emabhukwini abo nokuthi ngabe kwalandelwa imigomo efanele yini ngaphambi kokuba eqashwe.

Le ndoda, 57, okumanje isesitokisini iboshwe ngoMsombuluko, yavela okokuqala enkantolo ngoLwesithathu.

 - EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...