Kugxekwe unkosikazi kaNgqongqoshe othe ubutabane ‘umoya kaSathane’

2017-06-28 18:01

Durban – Izinhlangano ezilwela amalungelo abantu sezigxeke kakhulu ukuphawula kwakamuva okwenziwe ngunkosikazi kaNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, ngokubiza ubutabane “ngobuSathane”.

UNono Dhlomo ubethula inkulumo ngesikhathi kwethulwa usizo lwabantu abasha emtholampilo oseCato Manor, eThekwini, nalapho enxuse khona uhulumeni ukuthi abuyise izifundo zezenkolo ezikoleni, wathi ukuthandana nobulili obufanayo “kuyimimoya nje emibi”.

“Zonke lezi zinkinga ezibheke nezingane zethu umsebenzi kaSathane, izingane zethu zidinga imithandazo ukuze zivikeleke kuyo yonke imimoya emibi ezibhekene nayo,” kusho uDhlomo, nosebenzela inhlangano exhaswa ngezimali yiMelika, iMaternal, Adolescent and Child Health (MatCH), aphinde asize uMnyango wezeMpilo ngokusiza ezintweni ezithinta ezempilo ezikoleni.

Izinhlangano eziningi sezimnxuse ukuthi ahoxise ukuphawula kwakhe ngokushesha, zakuchaza “njengobudedengu futhi okuthusayo”.

“Ukuphawula kwakhe njengonkosikazi kaNgqongqoshe wezeMpilo kuyaphoxa futhi kuzoholela odlameni oluningi olubhekiswe emphakathini vele osengcupheni.

OLUNYE UDABA: Iziphathimandla zivale opopayi ‘abatusa ubutabane’ kuDStv

Okhulumela iDurban’s Lesbian and Gay Community Health Centre, uNonhlanhla Mkhize, uthi yize noma bekwamukela ubuholi bukaNgqongqoshe ekuholeni amasu okubhekana nezidingo zabathandana nobulili obufana nobabo, kodwa baphoxekile ngokuphawula kukankosikazi wakhe.

I-Treatment Action Campaign (TAC) nayo izwakalise ukungenami kwayo njengoba ithi ukuphawula kukankosikazi kaNgqongqoshe kwehlisa umdlandla kanti futhi kuzoqhubezela phambili inzondo ekhona kubantu abaphila nobulili obufana nobabo.

Okhulumela uNgqongqoshe, uDesmond Motha, uthi unkosikazi kaNgqongqoshe ubengakhulumeli uMnyango.

Okhulumela iMatCH, u-Arthi Ramkissoon, uthi ukuphawula kukaDhlomo kuyaphikisana nemigomo yale nhlangano futhi kusaphenywa. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...