Kugxekwe uDlamini ngokucela ukuba kuxolelwe abathintekayo kolwe-State Capture

2017-12-18 17:58

Cape Town - ISouth African National Civic Organisation (Sanco) ngoMsombuluko ithe ishaqekile ngamazwi kaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi ophinde abengumholi we-African National Congress Women's League (ANCWL) uBathabile Dlamini.

UDlamini uthe kumele baxolelwe abathinteka odabeni lwe-state capture ngendlela efanayo naleyo okwaxolwa ngayo ngobandlululo.

"Sethemba ukuthi umbono kaDlamini akuwona owe-ANCWL noma abanye abaholi okungenzeka bakhethwe engqungqutheleni eqhubekayo ye-ANC eNasrec ngoba uyaphikisana nokushiwo yi-ANC uma ithi izimisele ngokuqeda inkohlakalo,” kusho okhulumela iSanco uJabu Mahlangu.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe amadoda atholakale nesibhamu esebiwe kwimkomfa ye-ANC

ISanco ingenye yezinhlangano ezidlelana ne-ANC.

Engxoxweni abenayo neNews24, uDlamini uthe: "Abantu baseNingizimu Afrika kungani bengaxoleli?”

Ubebuzwe umbuzo ngokwehluleka kwe-ANC ukuthathela izinyathelo abathintekayo kuma-email aputshuka athinta nomndeni wakwaGupta.

UMahlangu uthe i-ANC kumele iziqhelelanise nokushiwo uDlamini.

BUKA:

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...