Kugxekwe kabi ukubulawa kwamadoda amane kwaMashu

2017-11-07 18:00

eThekwini - IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa kwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa usigxeke kabi isenzo sokubulawa kwamadoda amane ehostela lakwaMashu.

Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko ebusuku kanti uLanga uthi kubi ngoba kunyusa isibalo sokubulawa kwabantu, kodwa nakanjani bazobanjwa abasolwa futhi bazobhekana nengalo yomthetho.

Ayikacaci kahle imbangela yokuhlaselwa kwalaba bantu, kodwa ngo-20h45 ebusuku kutholakale izidumbu zamadoda amane aseminyakeni ephakathi kuka-23 no-45 ubudala zinamanxeba ambalwa okudutshulwa.

OLUNYE UDABA:Ubangwa nezibi otalajwe wumphakathi ebanjwa eba

Lezi zidumbu zitholakal esigcemeni sakwa-A ePhumula Road, KwaMashu.

Kuvulwe amacala okubulala kanti amadokodo adluliselwe kuphiko olukhethekile oluphenya amacala afana nalawa kulesi sifundazwe.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...