Kugxekwe eyokuhlonishwa kukaMengameli Zuma ngesichuse eNigeria

2017-10-16 16:00

Johannesburg – Kuzwakale imibono eyehlukile ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuthi uhulumeni waseNigeria uhloniphe uMengameli Jacob Zuma ngesichuse ngeSonto.

UZuma uhlonishwe ngesikhathi ehambele e-Imo State, eNigeria, ngempelasonto, njengoba sekunomgwaqo oqanjwe ngaye.

Nokho, abanye abantu bakhala ngokuthi lesi sichuse ngeke sibasize ngalutho abantu baseNigeria futhi le mali eyakhiwe ngaso ibingasetshenziselwa ukulungisa ezinye izinto.

U-Adetunuji Omotolo, wenhlangano yezifundiswa kuleliya lizwe, uthe: “Asinaso ngisho isichuse sikaNelson Mandela, esikaBarack Obama noma esikaMartin Luther King, wonke nje amaqhawe amnyama.

"Imifanekiso yabo ayitholakali ndawo eNigeria kepha manje sesinesikaMengameli Zuma. Ngokubona kwami nje babhacazile."

Kulo mcimbi uMengameli Zuma uphinde wanikezwa i-Imo Merit Award, enikezwa abantu abenza umsebenzi oncomekayo ekuthuthukiseni imiphakathi yangakubo.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...