Kugxekwa abakwaChicken Licken ngokufaka owesilisa ekhejini

2017-03-14 14:01

Johannesburg - UMaesela Kekana uqophe i-video ebona isimanga esitolo sakwaChicken Licken ePotchefstroom, kubika iDaily Sun.

Lo mlisa uthi ufike kule ndawo kunomfana womlungu obelokhu ememeza ethethisa izisebenza zakulesi sitolo ethi akukhishwe lo wesilisa ovalelwe ekhejini.

“Lo mfana ubebiza wonke umuntu ukuba azolekelela lo mlisa obelimele kabi evalelwe ekhejini,” kusho uMaesela.

Uthi babe sebeyobuza umphathi walesi sitolo ukuthi kungani kunowesilisa olimele evalelwe ekhejini ngoba kuyabonakala ukuthi udinga usizo lwezempilo.

“Le ndoda ibikhala ixolisa icela noxolo," esho.

OLUNYE UDABA:Uthi ubefuna ukushaywa umoya owesimame obesekhejini

Uma sesithola kuthiwa lo mlisa ubezama ukweba inkukhu, kodwa futhi abanye abasebenzi bathi ubedakiwe edelela ozakwabo.

Laba babize amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo nokuyilapho isisebenzi esisodwa siphuthume ukuyovula leli kheji lidedela lo mlisa.

Amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bafike kanyekanye nokuyilapho uMaesela nabangani bakhe benqume ukuqhubeka nohambo lwabo sebebona abomthetho beqhubeka nomsebenzi wabo.

Umnikazi walesi sitolo u-Ahmed Motara uvumile ukuthi isigameko esifana nalesi senzekile esitolo sakhe kodwa walandula ukuthi lo wesilisa ubevalelwe ekhejini ethi ubevalelwe egumbini elingemuva yize kune-video ebonisa lokhu.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...