Kugxekiwe ukubulawa kwamadoda amane ehostela KwaMashu

2017-11-08 14:01

Durban - IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ukugxekile ukudutshulwa kubulawe amadoda amane ehostela KwaMashu ngoMsombuluko ebusuku.

"Asihambisani nodlame esifundazweni, ngisho nasemahostela imbala. Izigameko ezifana nalezi yizo ezinomthelela ekutheni zibekwe eqhulwini izigameko zokubulawa kwabantu esifundazweni.

"Okwamanje akucaci ukuthi kube yini imbangela yesigameko, kodwa sizoqinisekisa ukuthi leli cala liyaphenywa siphinde siqinisekise nokuthi izigilamkhuba zibhekana nengalo yomthetho," esho.

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu ehostela laseMlazi

NgoMsombuluko ngezithuba zabo-20:45, izidumbu zamadoda amane aneminyaka ephakathi kwengu-23 nengu-42 ubudala zitholakale zinamanxeba okudutshulwa esigcemeni sakwa-A, KwaMashu.

Imbangela yesigameko ayaziwa okwamanje, icala liyaphenywa.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, ukubulawa kwala bantu kuphenywa yiProvincial Task Team eqokwe yibamba likakhomishana esifundazweni.

Ukubulawa kwabantu emahostela ase-KZN kubukeka kudlangile kulezi zinsuku.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...