Kugwetshwe umama nendodana ngokushaya ubaba wekhaya

2017-01-27 08:18

Malamulele – Owesifazane waseLimpopo kanye nendodana yakhe bahlawuliswe u-R24 000 yinkantolo ngokushaya ubaba wekhaya ngefosholo.

UJoyce Chauke, 46, kanye noNdhavuko Chauke, 22, baseXikundu Village ngaphandle kwaseMalamulele, badedeliwe ngemuva kokukhokha inhlawulo.

IMantshi uDaniel Maluleke ibagwebe eNkantolo yeMantshi yaseMalamulele ngoMsombuluko. Ithe laba bacishe basibulala isisulu.

OLUNYE UDABA: Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala iphoyisa

“Uma kunokungaboni ngaso linye phakathi komyeni nomkakhe, kumele nihlale phansi nibonisane noma nibize abadala banisize.

Laba baboshwe ngoLwesihlanu ngemuva kokuba umyeni engeniswe esibhedlela saseMalamulele.

UJoyce wabiza indodana yakhe ukuba izomsiza bashaye uyise ngemuva kokuba bebenengxabano.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...