Kugwetshwe umalume ngokudlwengula umshana, 13

2017-09-20 16:01

Durban - INkantolo yesiFunda yaseVryheid enyakatho yeKwaZulu-Natal, igixabeze owesilisa ngodilikajele ngecala lokudlwengula umshana wakhe oneminyaka engu-13 ubudala.

Okhulumela amaphoyisa, uCaptain Nqobile Gwala, uthe ngoLwesithathu owesilisa oneminyaka engu-27 ubudala wadlwengula umfana ngoNcibijane wango-2015 endaweni yaseDumbe, ePaupietersburg.

"Lo mfana wasongelwa nangokubulawa uma eke wakhuluma ngalolu daba kubantu. Ekuseni isisulu sabikela umama waso ngodaba, kwavulwa icala lokudlwengula esiteshini samaphoyisa asePaulpietersburg," kusho uGwala.

OLUNYE UDABA:Umalume wadlwengula umshana waze wamsulela nge-HIV

Icala laphenywa ngabeVryheid Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Ntala uMajor-General Bheki Langa uthe: "Sibonga abaseshi ngobufakazi ababulethe ngaphambi kwenkantolo obaholela ekutheni umsolwa ashushiswe aphinde agwetshwe.

"Izisulu akufanele zikwesabe ukubikela amaphoyisa ngamacala, siyacela ukuba namalungu emindeni aqhubeke nokuwabika la macala emaphoyiseni."

– African News Agency (ANA)

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...