Kugwetshwe isangoma ngelokudlwengula

2018-04-13 14:00

Johannesburg - INkantolo yesiFunda eMankweng igwebe isangoma u-Andries Malatjie, 37, udilikajele ngecala lokudlwengula.

Inkantolo ilalele ukutho ngo-2016 umsolwa wadlwengula owesifazane, 20, ehlathini eSebayeng village.

UMalatjie wacela ummangali ukuba amuphelezele kuyiwa ehlathini eyomba amakhambi.

OLUNYE UDABA:Isangoma sase-KZN sisolwa ngokudlwengula

Okhulumela iNational Prosecuting Authority uMashudu Malabi-Dzhangi uthe isisulu saphelezela umsolwa njengoba uMalatjie uyisangoma esaziwayo endaweni.

Uthe ngesikhathi besehlathini uMalatjie wavele wabanodlame washaya isizulu saze saphelelwa Amandla wabe esesidlwengula.
UMalatjie wabe esequbula isizulu wasithatha wahamba naso  baya endlini yakhe lapho aqhubeka khona nokusidlwengula kwase kwasa ekuseni.

Ngesikhathi kuqulwa icala, uMalatjie waliphika icala wathi bavumelene nokubasocansini nesisulu.
Inkantolo yakuphikisa lokho walahlwa yicala, wagixabezwa ngodilikajele.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...