Kugwetshwe iphoyisa ngokwamukela intshontsho lika-R100

2017-10-06 07:25

Johannesburg – Iphoyisa likaMasipala waseGoli ligwetshwe iminyaka emithathu libhadla ejele noma likhokhe inhlawulo ka-R5 000 ngokwamukela intshontsho lika-R100.

UNkgoape Lydia Matsapola, 41, ugwetshwe yiNkantolo kaMantshi eRoodepoort ngoLwesine kulandela ukuboshwa kwakhe ngamalungu eNational Traffic Anti-Corruption Unit (Ntacu) ngoMashi ngonyaka odlule.

Leli phoyisa lesifazane lamisa ilungu le-Ntacu elalishayela imoto engafakiwe i-licence disc esemthethweni (owayecuphe lona iphoyisa).

Iphoyisa lamukela u-R100 wentshontsho ukuze angahlawuliswa umnikazi wemoto, kusho okhulumela i-Road Traffic Management Corporation (RTMC) uSimon Zwane.

UMatsapola wathweswa icala ngaphansi kwePrevention and Combating of Corrupt Activities Act kanti inkantolo ngesikhathi ithatha isinqumo ibheke nesimo aphila ngaphansi kwaso umsolwa.

OLUNYE UDABA: Ubhekene necala ogwaze umzukulu kubangwa ikhekhe

"Ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele kodwa walengiselwa ngeminye iminyaka emihlanu ngombandela wokuba angalahlwa yicala elifanayo. Inkantolo ithe akakulungele nokuphatha isibhamu,” kusho uZwane.

I-RTMC isizofaka isicelo sokuba asuswe emabhukwini okuba yiphoyisa futhi angaphinde enze lo msebenzi.

UZwane unxuse amalungu omphakathi ukuba abike ngezenzo zenkohlakalo nezokukhwabanisa ezenziwa amaphoyisa omgwaqo ngokuthi afonele i-Ntacu ku-0861 400 800.             

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...