Kugwetshwe abalisa abane ngokuvukuza ngokungemthetho
2016-12-01 08:04
Johannesburg - Abalisa abane abalahlwe yicala lokuvukuza ngokungemthetho bagwetshwe izinyanga ezingu-12 bebhadla ejele noma bakhokhe inhlawulo ka-R6 000, kusho oKlebe eNorthern Cape ngoLwesithathu.
UCaptain Philani Nkwalase uthe u-Ayanda Booi, 29, Fikile Sixeshe, 37, Monwabisi Vincent Ntsham, 46 noKwenza Ndlovu, 40, bagwetshwe yiNkantolo yeMantshi yasePort Nolloth ngemuva kokulahlwa yicala lokungena lapho kugafanele khona nangokuvukuza ngokungemthetho.
OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uxwayise obambe esikhundleni esishiywe uMolefe
"Ngaphezulu kwalokho, bagwetshwe ezinye izinyanga eziyisithupha bebhadla ejele noma bakhokhe inhlawulo ka-R2 000 okuyisigwebo abalengiselwe sona iminyaka emihlanu ngombandela wokuthi bangatholakali necala elifanayo ngaleso sikhathi," usho kanje.
Uthe abalisa abane baboshwa ngo-Ephreli 24 eDe Beer.
- News 24