Kugwetshwe ababili ngokubulala abantu kwaCeza

2017-10-09 18:02

Durban - Ibamba likakhomishana wamaphoyisa esifundazwe iKwaZulu-Natal, uMajor Bheki Langa, lamukele isigwebo esifanelekile samadoda amathathu abandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwabantu endaweni yakwaCeza ngo-2016.

ULanga uphinde washayela ihlombe ithimba ebeliphethe leli cala ngomsebenzi omuhle eliwenzile.

Ngomhlaka-6 Okthoba iNkantolo yesiFunda yasoPongola ilahle ngecala yaphinde yagweba u-Ayanda Khumalo, 25, noSiyanda Buthelezi, 34, odilikajele abahlanu umuntu ngamunye ngamacala amahlanu okubulala.

OLUNYE UDABA:Bavelile abasolwa ngokubulala 5 wabantu kwaCeza

Laba bobabili baphinde bagixabezwa ngeminyaka engu-10 bebhadle ejele umuntu ngamunye ngelokuzala ukubulala, iminyaka emihlanu yokushisa neminye iminyaka engu-15 yokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

UKhumalo waphinde wawagixabezwa ngonyaka ebhadle ejele ngokutholakala nezinhlamvu zesibhamu ezingekho emthethweni.

Umsolwa wesithathu uSiyabonga "Gwinya" Xulu, 32, yena uphume phambili emacaleni okubulala nelokushisa kodwa wagwetshwa iminyaka engu-15 esejele ngelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni neminyaka emithathi ngokutholakala nezinhlamvu zesibhamu ezingekho emthethweni.

Ngokwesitatimende samaphoyisa KwaZulu-Natal, ngo-Ephreli 2016, uKhululiwe Buthelezi, 35, uMpandlana Zondo, 35, nonkosikazi wakhe uPhilisiwe Zondo kanjalo nabazukulu bakhe ababili uVangeli Zondo, 2, noSimphiwe Zondo, 4, babesendlini eMpakelweni, kwaCeza ngesikhathi behlaselwa ngabasolwa.

Kwashona izisulu ezinhlanu endaweni yesigameko kwathi esesithupha sasinda namanxeba okudutshulwa. Kwavulwa icala lokubulala, ukushisa nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa akwaCeza.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...