Kugwazwe owesilisa erenki yamatekisi

2016-12-17 15:18

Durban – Kushone owesilisa ngemuva kokuthi ebhokodwe ngommese washona kuMarket Road, ePotchefstroom, kusho abezimo eziphuthumayo ngoLwesihlanu.

Lo wesilisa kukholakala ukuthi useminyakeni eko-20 ubudala.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24, uRussel Meiring, uthe ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko bathole indoda inenxeba lokugwazwa esifubeni.

OLUNYE UDABA: Kugwazwe kwabulawa ibhungu eMargate

“Ubengasatshengisi zimpawu zokuphila. Abasizo lokuqala bazamile ukusebenzisa izindlela ezehlukene zokumsindisa kepha kwazifanela nje,” esho.

UMeiring uthi le ndoda ibe isihlonzwa njengeshonile endaweni yesigameko.

Amaphoyisa ayaphenya ngesigameko esiholele ekushoneni kwale ndoda.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Isangoma sase-KZN sisolwa ngokudlwengula

Emizuzwini eyi-40 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...