Kugwazwe owesifazane edunwa eMpumalanga

2017-06-09 16:02

Johannesburg - Kugwazwe owesifazane ngesikhathi edunwa eMpumalanga, ngokusho kwemenenja ye-Hi-Tech, uCallum MacPherson, bathole umbiko ovela eMCare ku-Orange Street, kubika iLowvelder.

"Sifike endaweni yesigameko sathola owesifazane egwazwe engalweni. Uthe uhlaselwe yindoda ebaleke nemoto yakhe.

UMacPherson uthe ngesikhathi bephelezela lo wesifazane eya eMediclinic, eNelspruit, imoto itholwe ekhoneni likaPercy Fitzpatrick no-Enos Mabuza Drive, itholwa nguPieter Smit wenkampani yonogada iDivergent Ops .

OLUNYE UDABA: Lishonile ikhehla lidunwa e-KZN

Odayisa amaphephandaba ekhoneni lomgwaqo utshele uSmit ukuthi ubone kuphuma indoda emotweni yayogibela imoto emhlophe yohlobo lweVW Polo Player ebishayelwa ngenye indoda.

Obesendleleni eya ejimini uthe uyibonile imoto ihamba amadoda amabili. Uthe le moto ibingenayo i-number plate.

Zombili izinkampani zonogada kanye namaphoyisa zisathungatha abasolwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...