Kugwazwe kwabulawa intombazane, 11, eSoweto

2017-02-28 08:31

Johannesburg - Kutholwe intombazane eneminyaka engu-11 ubudala ishonile inamanxeba okugwazwa eduzane nasesteshini sezicishamlilo saseLawley ngeSonto, kusho okhulumela amaphoyisa aseDobsonville.

Kukholakala ukuthi le ngane ibidlala nabangani bayo ngakule ndawo.

Okhulumela amaphoyisa uConstable Mzwakhe Xazi uthe, babikelwe ngesigameko ngezithuba zabo-19:00.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe ingane, 6, ilele nonina

Umndeni wale ngane ubikelwe ngesigameko ngemuva kokuhlonzwa kwayo. Yize kunjalo uXazi uthe kakanikezwa igunya lokudalula eminye imininingwane.

UXzi unxuse abazali ukuba bazi ngaso sonke isikhathi ukuthi izingane zabo ziphi, bazibheke njalo.

"Sicela abazali baziqaphe ngelo khozi izingane zabo. Bazibheke futhi bazi ukuthi zisendaweni ephephile," usho njalo.

Kuvulwe icala lokubulala.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...