Kugwazwe kwabulawa ikhansela KwaZulu-Natal

2018-01-02 13:59

Richards Bay - Isikhulu sezepolitiki KwaZulu-Natal sigxeke isigameko sokubulawa kwekhansela lakumasipala waseJozini.

UNjabulo Dlamini ugwazwe wabulawa ngoMsombuluko eRichards Bay ngesikhathi esaseholidini.

Imbangela yokubulawa kwaDlamini akwaziwa.

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwabulawa elinye ikhansela KwaZulu-Natal

UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal,uNomusa Dube-Ncube, unxuse amaphoyisa ukuba alusukumele lolu daba ukuze kuzoboshwa izigilamkhuba.

Ngonyaka odlule, kwabulawa amakhansela angu-5 KwaZulu-Natal.


 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...