Kugwazwe kabi umfundi emagcekeni esikole

2018-02-14 07:04

Johannesburg - Umfundi oneminyaka engu-21 ubudala ugwazwe kabi ngomunye umfundi emagcekeni esikole eTzaneen.

Kuthiwa umsolwa ubelwa nesisulu ngaphambi kokuba asigwaze ngesikhali esicijile, wabe esebaleka endaweni yesigameko.

UBrigadier Motlafela Mojapelo uthi isisulu siphuthunyiswe esibhedlela ngokushesha.

OLUNYE UDABA: Ukushaqeka ebona kudlwengulwa imbuzi yakhe

UMojapelo uthi akwaziwa ukuthi bekuliwa kubangwani kodwa amaphoyisa ayaphenya.

Umsolwa usagcwele izinkalo, ubengakaboshwa.

UMojapelo uthi amaphoyisa ahambela izikole ngaphansi kohlelo lwawo lwezokuphepha ngenhloso yokugwema izigameko zobugebengu ezikoleni.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...