Kugwazwe ilungu le-ANC ligwazwe eFree State

2017-10-23 12:30

Johannesburg - Ilungu le-ANC eWesselsbron esifundazweni iFree State lithi ligwazwe lisemhlanganweni wale nhlangano ngeSonto.

URamodise Mokhutle uthi ngesikhathi egwazwa bebesemhlanganweni bedingida ngengqungquthela ye-ANC yokukhetha ubuholi ezoba ngoDisemba nonyaka.

Ngokusho kukaMokhutle, ekhuluma esesibhedlela, ubefuna ukubheka ukuthi likhona yini igama lakhe kulabo abazoya engqungqutheleni ngesikhathi eshaywa egwazwa.

OLUNYE UDABA: Bathi bazimisele ngokulwela uRamaphosa uma esuswa esikhundleni

Ngokusho kwakhe ushaywe waphinde wagwazwa ngumholi wenhlangano esifundeni se-ANC, eLejweleputswa. 

NgeSonto, ubuholi be-ANC esifundazweni iFree State buziqhelelanisile nomhlangano wesifundazwe okuthiwa bekungowokudingida ngengqungquthela.

Kubonakala kukuningi ukungabekezelelani ngaphakathi kule nhlangano njengoba zisondela izinsuku zokuya kule ngqungquthela.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...