Kugqekezwe isikole kwebiwa ukudla namakhompyutha ePitoli

2018-03-23 14:03

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng ukholwa wukuthi kunobugebengu obuqhubekayo kulandela uhide lwezigameko zokugqekezwa kwezikole zasePitoli.

Amaphoyisa aphenya ukuthi izigebengu zingene kanjani emagcekeni esikole iMasizane Primary ngoLwesine ebusuku zathatha amakhompyutha nokudla okuphekelwa izingane zesikole.

OLUNYE UDABA:Kwehle isibalo sabafundi esikoleni kumiswa uhlelo lokudla

Ekuqaleni kwesonto, kuhlaselwe isikole iFlavius Mareka High, lapho okwebiwa khona impahla efanayo.

Okhulumela uMnyango uSteve Mabona uthe: "Okusho ukuthi izingane zethu angeke zikuthole ukudla ngesonto elizayo, kuyasikhathaza ukuthi kunabantu abangena ezikoleni zethu ngenhloso yokweba."

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...