Kugetshengwe izaguga phandle kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya -KZN

2017-02-21 09:30

Durban – Ikhehla nesalukazi salo basakhungathekile emqondweni kulandela ukugetshengwa ngamadoda amathathu phandle kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya.

U-Anne Bolton, 68, nomyeni wakhe uJack, 70, bebemi erobhothini elibomvu ngesikhathi kufika owesilisa eceleni kwewindi lemoto yabo wabakhomba ngommese.

Lezi zigebengu zithathe umakhalekhukhwini kanye nezibuko zelanga.

Ngokombiko wamaphoyisa, lezi zaguga beziphuma kulo Mnyango lapho bezenza khona izincwadi zokuvakasha njengoba bezilibangise kwelaseFrance ngenyanga kaNtulikazi.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe isisebenzi sasekhaya labadala ngokubulala izaguga

"Lokhu kwenzeke sebehamba kanti kuthiwa umsolwa oyedwa ufike wacisha imoto ngesikhiye ebakhombe ngommese. Lesi salukazi sithi umyeni wakhe ubengaphethe lutho kodwa abasolwa baklebhule ihembe lakhe bathatha umakhalekhukhwini," kusho amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe ezinsukwini ezimbili ezedlule kwagetshengwa ikhehla elineminyaka engu-65 kuyo lendawo.

"Silandela yonke imibiko esiyitholayo kanti futhi sekutshalwe amaphoyisa angagqoki imifaniswano yokusebenza azoqapha isimo edolobheni lasePinetown," kusho uZwane.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...