Kugcwele phama enkantolo kolukaSiwaphiwe Mbambo

2017-03-15 10:18

Durban - Kugcwele kuvalwe ngomuntu emnyango eNkantolo yeMantshi yaseThekwini njengoba kuqhubeka icala elibhekene nomama kaSiwaphiwe Mbambo, kanye nowesilisa okusolakala ukuthi uyisoka lakhe.

Le ngane yathunjwa ihamba nomama wayo ngoLwesihlanu enxanxatheleni yezitolo eGame City, eThekwini.

Amaphoyisa alandela umkhondo, aba nokusola ngesikhathi kukuningi okungahlangani ngesikhathi umama ewalandisa ngalesi sigameko nokwaholela ekutheni unina wale ngane agcine esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.

Begcina ukuvela abammangalelwa enkantolo ngoMsombuluko, owesilisa ekhuluma ngezwi lommeli wakhe uveze ukuthi uSiwaphiwe uyingane yakhe ngakho akakwazi ukuthi angayithumba.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Kuyoba kubi impela uma umama wosana ebemdibi munye ‘nezigelekeqe’

Eminye imibiko yaveza ukuthi le ngane yathathwa iyiswa kubo "kayise" wayo eGreytown ukuba iyishunqiselwa impepho ngoba yayihlupha ikhala ubuqanduqandu ingezwa ngisho isishiselwe izinyamazane.

Ubaba oshadelwe ngumama wosana, uFelokwakhe Mbambo, naye ukhona enkantolo.

IMantshi ingene enkantolo yacela ukuba abantu bahloniphe umthetho wenkantolo.

Lolu wudaba oluqhubekayo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 7-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-15°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 5-19°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 13-24°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...