Kugcine kumenele umshayeli we-Uber owashiswa

2017-07-17 11:02

Pretoria – USeshonile umshayeli we-Uber owasha kanzima ngesikhathi imoto yakhe ithungelwa ngomlilo ngabashayeli bama-meter taxi.

ULindelani Mashau wayesemotweni yakhe ngesikhathi imoto yakhe ishiswa ngaphandle kwaseLoftus Versveld ePitoli emasontweni amahlanu edlule.

Akashonanga ngaleso sikhathi, kodwa walimala kanzima.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele owesifazane ozame ukweba usana esibhedlela

I-Uber Drivers Movement ithi ubelulama, kodwa washona kungazelele muntu ngoMsombuluko ekuseni.

Le nhlangano ithi umufi wahlaselwa ngenhloso kwazise kunokungaboni ngasolinye phakathi kwabashayeli be-Uber nabama-meter taxi.

Imboni yama-meter taxi isola abashayeli be-Uber ngokweba ibhizinisi labo.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...