Kufunwa ingane emuke nezikhukhula eMlazi

2017-10-12 11:04

Durban - Isiphepho sangoLwesibili eThekwini sishiye abaningi bekhungathekile kubalwa nomama waseMlazi olahlekwe yingane yakhe enezinyanga ezingu-22 izelwe.

Le ngane ogama layo ngu-Okuhle ingenye yezingane ezingu-6 ebezisenkulisa ezimuke nezikhukhula ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA:#DurbanStorm:UNdunankulu e-KZN uzovakashela imindeni elahlekelwe

Isakhamuzi uSphesihle Mthembu kanye nabanye abantu ababili bagijime bayohlenga lezi zingane kodwa bakwazi ukusindisa ezinhlanu.

Kodwa nakuba kukhona ababiza uMthembu ngeqhawe yena akaboni kanjalo njengoba u-Okuhle engatholakali.

Ithimba labatshuzi beliseMlazi ngoLwesithathu ekuseni emihosheni yakhona.

Kukhishwe namaphoyisa ezinja ukufuna u-Okuhle kodwa namanje lutho ukuba atholakale.

 - eNCA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...