Kufunwa ibhubesi eleqile eLimpopo
2017-11-27 10:59
Johannesburg - Amaphoyisa aseLimpopo afuna ibhubesi eleqe enqoleni ngaphandle kwaseTzaneen ngesikhathi elayishwa kuyo.
Kukholakala ukuthi amabhubesi amabili aphume enqoleni ngeSonto kodwa elilodwa latholakala ngemuva kokulimala.
OLUNYE UDABA:Lisaqhubeka nokuqhoboza imfuyo ibhubesi eleqile
Okhulumela amaphoyisa uMoatshe Ngoepe uthe kuqalile ukufunwa kwelinye ibhubesi.
"Ukuphunyuka kwebhubesi kubeka impilo zabantu engozini. Abantu abaqaphele uma behamba la ngaphandle kodwa futhi uma belibona kufanele bazise amaphoyisa aseduze ngokushesha."
Ozibonele uthi la mabhubesi aphume kule nqola abelayishwe kuyo ayongena emasini aseduze komgwaqo, kanti kuze kube yimanje abengakatholakali.
- News24