Kudutshulwe unogada obengekho emsebenzini

2017-10-01 17:47

Pretoria - Unogada obengekho emsebenzini, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-20 ubudala, udutshulwe amahlandla amaningi e-section 26 e-Olievenhoutbosch eCenturion eningizimu yePitoli ngoMgqibelo, kusho abe-ER24.

Okhulumela i-ER24 u-Annine Siddall uthe abosizo lokuqala bathole owesilisa enamanxeba okudutshulwa esifubeni, ekhanda nasengalweni ngesikhathi befika kweyesehlakalo ngabo-18:00.

OLUNYE UDABAUgcine ebuyile usomabhizini owathunjwa

“Uthole ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba aphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ukuze ezothola ukunakekelwa okunzulu.

“Imininingwane ngesigameko ibingakatholakali kodwa iziphathimandla ziyaphenya,” kusho uSiddall.

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...