Kudutshulwe unogada ebhishi laseSiphingo

2017-05-09 19:28

Durban - Unogada osebenzela uMasipala ulimale kabi ngesikhathi edutshulwa wase ephucwa isibhamu sakhe somsebenzi ebhishi laseSiphingo ngoLwesibili.

Ngokusho kukaColonel Thulani Zwane lo nogada wesimame ubenza umsebenzi wakhe ngesikhathi ehlaselwa amadoda amabili.

OLUNYE UDABA:Kulimale nabantu abebebuka ngesikhathi kugetshengwa imoto yemali

“Abasolwa babaleke ngemoto kanti lo nogada uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole usizo lwezempilo,” kusho uZwane.

Okhulumela abe-Netcare911 uChris Botha uthe lo wesimame udutshulwe engalweni kanye nasemzimbeni.

Kuvulwe icala lokuzama ukubulala kanti akukaboshwa muntu okwamanje.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...