Kudutshulwe umsolwa obezama ukugebenga umuntu ebhange

2017-12-11 18:05

eDutywa - Amaphoyisa aseDutywa avule icala lokubulala ngemuva kokudutshulwa kowesilisa oneminyaka engu-30 ubudala.

Kukholakala ukuthi lo mlisa ubefaka imali ebhange eDutywa ebusuku ngoMgqibelo ngesikhathi kwenzeka lokhu.

"Amadoda amathathu afike kulo mlisa azama ukumgebenga. Lo mlisa wakhipha isibhamu wadubula umsolwa oyedwa, ababili babaleka.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa esokudutshulwa kwabantu abahlanu eKapa

"Lo mlisa odubule umsolwa naye ubalekile," kusho uKaputeni Jackson Manatha ngeSonto.

Igama lomsolwa obulewe lizovezwa uma sekubikelwe umndeni wakhe akukaboshwa muntu okwamanje, kubika iThe Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Heavy rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...