Kudutshulwe owesilisa washona embhikishweni

2018-01-12 12:32

Mahikeng – Kudutshulwe owesilisa ngoLwesithathu ebusuku embhikishweni obuseBafokeng Rasimone Platinum Mine eRustenburg, kusho amaphoyisa aseNorth West.

UColonel Adele Myburgh utshele iNews24 ukuthi isigameko sibikelwe amaphoyisa ngoLwesithathu ebusuku ngezithuba zabo20:40. 

Esitatimendeni, iRoyal Bafokeng Platinum Mine (RBPM) ithe bangaphezu kuka-100 ababhikishi abazame ukungena emgodini wemayini obuvaliwe.

"Ngokwemininingwane esinayo, amalungu omphakathi abehambisa incwadi yezikhalazo emayini, kodwa kwaba nokudubulana phakathi konogada namalungu omphakathi, kwashona owesilisa oneminyaka engu-37 ubudala,” kusho uMyburgh.

I-RBPM ithe onogada ngesikhathi bedubula bebesebenzisa izinhlamvu zenjoloba.

OLUNYE UDABA: Uzame ukuzibulala umama wengane eyashonela esontweni likaMboro 

Kukholakala ukuthi isisulu sidutshulwe yilabo ebebebhikisha, ngokwe-video amaphoyisa athi anayo.

UMyburgh uthe kunzima ukuqinisekisa ukuthi ngempela kwenzakaleni.

UMyburgh uthe bekungakaboshwa muntu ngesigameko okwamanje.

Kuthiwa umbhikisho uqubuke ngemuva kokuxoshwa kwabasebenzi abangu-14 ngodisemba 14, ababeyingxenye yesiteleka.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...