Kudutshulwe owesilisa esiswini kwebiwa ibhayisikili

2017-03-17 16:01

Johannesburg – Owesilisa usesimweni esibucayi kulandela ukudutshulwa esiswini ngamadoda angaziwa ehamba ngebhayisikili emgwaqeni u-R101 eBrakfontein.

Okhulumela abe-ER24 uRussel Meiring uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko bathola owesilisa elele ngohlangothi.

“Ngesikhathi exilongwa kutholakale ukuthi lo wesilisa unenxeba lokudutshulwa esiswini kanti futhi usesimweni esibucayi kakhulu,” kusho uMeiring.

OLUNYE UDABA:Obeyokha umango udutshulwe wafa kuthiwa yinkawu

Lo mlisa uhlengelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela esiseduze.

Kukholakala ukuthi lo wesilisa ubehamba ngebhayisikili lakhe ngesikhathi ehlaselwa amadoda amathathu ehlomile. Kube nokuhilizisana befuna ukumphuca ibhayisikili lakhe nokuyilapho adubuleke khona, kuqhuba umbiko.

Abasolwa bashaye bachitha nebhayisili lakhe, kubika i-IOL.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...