Kudutshulwe owesifazane esemtholampilo eKZN

2017-03-20 07:40

Pietermaritzburg – Owesifazane oneminyaka engu-38 ubudala ulimale kanzima ngemuva kokudutshulwa esemtholampilo eTaylors Halt, ngaseMgungundlovu ngeSonto ekuseni, kusho abosizo lokuqala.

"Owesifazane udutshulwe walimala esifubeni,” kusho okhulumela i-ER24 uRussel Meiring.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe 5 wabantu ngesigameko sokubanjw akwenkunzi e-OR Tambo

Uthe abosizo lokuqala basize lona wesifazane emtholampilo ngaphambi kokuba bamphuthumise eMediclinic eMgungundlovu.

UMeiring uthe imbangela yokudutshulwa kwakhe ibingakaziwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C High level clouds. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...