Kudutshulwe onogada ababili kubanjwa imoto yemali

2016-08-30 20:30

Hazeyview – Kudutshulwe onogada abathathu bathola ukulimala ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali phakathi kwaseMkhuhlu naseCunningmoore, eMpumalanga ngoLwesibili, kusho amaphoyisa nabosizo lokuqala.

Onogada be-SBV bebehambisa imali eXimhungwe Spar ngesikhathi imoto yohlobo lweMercedes E-Class e-grey ibashayisa, yabaphoqa ukuba bame ngezithuba zabo-09:00, kusho uCaptain Phillip Sakude.

Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise konogada.Ngesikhathi onogada bengafuni ukuvula imoto, basebenzisa iziqhumane ukuvula uphahla.

Funda nalolu daba:  Udedelwe ngebheyili osolwa ngokubulala umkakhe

Abasolwa bangene emotweni badubula onogada abathathu. Omunye kubona usesimeni esibucayi, kanti abanye bathole ukulimala okungatheni, kusho okhulumela iNetcare 911 u-Athlenda Mathe. 

Unogada wesine yena uthole ukwelasha ngemuva kokuhilwa yisisi esikhalisayo.

USakude uthe onogada badubule izigebengu ezimbili, kodwa zakwazi ukubaleka ngemoto yohlobo lweToyota Fortuner, iBMW, nangeMercedes, nesamba semali esingadalulwanga.

Bekungakaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...