Kudutshulwe kwalimala onogada ababili

2017-03-18 14:05

Johannesburg - Kulimale kabi onogada ababili esehlakalweni sokuzama ukuphanga kuhlonyiwe esenzeke eBenrose eGoli ekuseni ngoMgqibelo.

I-ER24 ithi kukholakala ukuthi onogada ababili, okukholakala ukuthi baneminyaka ephakathi kuka-40 no-50 ubudala, balimale kabi emilenzeni ngemuva kokuba izigebengi ezintathu zibadubule amahlandla amahlanu.

“Isigameko sokuphanga kubukeka sengathi senzeke ngesikhathi onogada beqaphe ngasemzileni wesitimela ngezithuba zabo-02:00 ekuseni,” kusho okhulumela i-ER24 u-Annine Dormehl.

OLUNYE UDABA: Ingane iminze ebhakedeni yashona

“Abosizo lokuqala be-ER24 babiziwe ukuba bazosiza, bebizwa ngabezimo eziphuthumayo esifundazweni.

“Zombili izisulu ziphuthunyiswe e-Union hospital ngabezimo eziphuthumayo.

“Iziphathimandla zizokwenza uphenyo ngesigameko,” kusho uDormehl.

 - Sowetanlive

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...