Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi waseHammersdale ku-N3

2018-01-22 19:33

eThekwini - Umnikazi wamatekisi waseHammersdale utholakale edindilizile kuthelawayeka u-N3 eThekwini ngoMsombuluko ekuseni.

Lo somatekisi utholakale ngaphansi kwebhulohwe elingenela eHammersdale ekuseni ngo-07h10.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthe losomatekisi utholakale enamanxeba okudutshulwa emzimbeni.

"Kuvulwe icala lokubulala emaphoyiseni aseHammersdale ngemuva kokutholakala kowesilisa edindilizile enamanxeba okudutshulwa. Akukaboshwa muntu ngalesi sehlakalo," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Kulimale inqwaba kuginqika amatekisi amabili

Lo Somatekisi owaziwa ngelikaMthetho Ngubane ubenamatekisi amane asebenzela eHammersdale, kukhona elilodwa elimisiwe ukusebenza.

Abaningi basola ukuthi lo somatekisi uhlaselwe ngoba ebezama ukulibuyisela emsebenzini itekisi lakhe, nokuyinto ebingehli kahle kwabanye. 

Ukuhlaselwa kukaNgubane kulandela lokho kukaMnu Hlophe onguSihlalo kasoseshini khona lapha eHammersdale.

UHlophe wadutshulwa wabulawa ngomhlaka 25 Disemba 2017.

UGwala unxuse umphakathi ukuba ubambisane namaphoyisa ukuze kubanjwe abasolwa.

"Uma kukhona onolwazi ngalesi sehlakalo angaxhumana namaphoyisa aseHammersdale noma isiteshi esiseduze naye," kuqhubeka yena

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...