Kudutshulwe kwabulawa usomatekisi nomkakhe eKZN

2018-01-15 19:00

eThekwini - Usihlalo wenhlangano yamatekisi iDolphin Coast Taxi Association uDicky Govender, kanye nomkakhe uSorij badutshulwe babulawa behamba ku-R102 besuka eShakaskraal belibangise oThongathi, kusho amaphoyisa.

Oyibamba likaNgqongqoshe wezokuThutha, ukuVikeleka koMphakathi kanye nezokuXhumana uWeziwe Thusi uthi imibiko yokuqala iveza ukuthi kunemeto engaziwa ehambe yaqondana nemoto yalaba bashadikazi, kwase kuvulelwa ngenhlamvu.

Umshayeli uhlulekile ukuyilawula imoto, yaphaphalaza yayongena ezimobeni.

OLUNYE UDABA:Kubhiyoze abashayeli kushona usomatekisi obeyiphoyisa eKZN

“Sishaqekile ngalokhu okwenzekile ngokuthi abantu balahlekelwe yimpilo yabo ngenxa yabantu abangenandaba nempilo yabanye, bahlukumeze imindeni, izihlobo nabangani bezisulu," kusho uThusi.

Amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko esenzeke ngempelasonto kanti leli cala lidluliselwe ophikweni oluphenya ngodlame lwasematekisini, kubika i-The Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...