Kudutshulwe kwabulawa umsolwa elokishini KwaMashu

2017-09-09 09:17

kwaMashu - Umsolwa oneminyaka engu-48 ubudala ubulewe, omunye walimala kabi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa KwaMashu, enyakatho neTheku.

Lokhu kwenzeke ngoLwesine ebusuku ngesikhathi amaphoyisa abehlola isimo ehostela laKwaMashu ethola umbiko ngesigameko sokuphanga kuhlonyiwe esiteshini sesitimela.

Ngesikhathi amaphoyisa efika kule ndawo, athole umbiko mayelana nabasolwa.

OLUNYE UDABA:Kwaphazamiseka ukufunda kulwa othisha KwaMashu

Amaphoyisa alandele umkhondo wabasolwa aze afika esigcemeni sakwa-B lapho efike ahlangatshezwa yintululwane yezinhlamvu, abasolwa begadla.

Nawo aphendule ngayo inhlamvu nokuyilapho kudutshulwe khona kwabulawa umsolwa oyedwa kwalimala kabi omunye oneminyaka engu-23 ubudala.

Lo msolwa uphuthunyiswe esibhedlela kanti kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma uma esephumile esibhedlela.

Uzobekwa icala lokuzama ukubulala nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Lesi sibhamu esitholakele sizoya kohlolwa ukuze kutholakale ukuthi ngabe asikaze yini senze obunye ubugebengu kuleli.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...