Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi eHout Bay

2018-04-23 17:59

Cape Town - Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi eHout Bay.

Amaphoyisa athe le ndoda idutshulwe yabulawa namuhla ekuseni.

Imbangela yokubulawa kwale ndoda ibingakacaci okwamanje kanti amaphoyisa asezinhlelweni zokuthungatha ushayasibhamu.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi

Ngesonto eledlule, kwadutshulwa kwabulawa abantu abathathu erenki yamatekisi eDelft kwalimala abanye abantu abathathu.

Ngosuku olulandelayo, kwaphuthunyiswa esibhedlela umshayeli wetekisi waseKraaifontein ngemuva kokuba edutshulwe walimala erenki yamatekisi aseBellville.

Ngokusho kwabazibonela isigameko, le ndoda yayihlezi etekisini ilinde abagibeli ngesikhathi idutshulwa.

Imbangela yesigameko sokudubula ayikaziwa okwamanje.

- EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...