Kudutshulwe kwabulawa umnikazi wesitolo eHillbrow

2017-03-02 11:02

Johannesburg – Amaphoyisa athi aphenya ngecala lokuphangwa kwesitolo ngemuva kokuba kudutshulwe kwabulawa owesilisa, 44, phambi kwesitolo sakhe eHillbrow. 

Kukholakala ukuthi iqulu labasolwa lingene esitolo sezingubo iRoma Italia ngoLwesithathu, lakhomba ngezibhamu abasebenzi.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthi akukho okwebiwe kulesi sitolo kanti abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lweFord Ranger endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Uzovela enkantolo owe-ANCYL osolwa ngokwesabisa iphoyisa

“Esinye sezisebenzi, ebesiphethe isibhamu, sidubule sibhekise kubasolwa, babaleka.

“Sebebaleka, bahlangane nomnikazi wesitolo ngasemnyango bamdubula emzimbeni. Uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho efike washonela khona.” 

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...