Kudutshulwe kwabulawa umfundi enyuvesi

2017-04-02 14:51

Bloemfontein – Umfundi oneminyaka engu-18 ubudala udutshulwe wabulawa e-Universitas, eBloemfontein ngoMgqibelo ebusuku, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 uWerner Vermaak uthe isidumbu somfundi besisegwaqeni ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesehlakalo ngaphambi kuka-20:00.

Abantu endaweni yesigameko bathe kubenesigameko sokuphanga kuhlonyiwe endlini ebesihlala kusona isisulu.

OLUNYE UDABA: 'Usezosakaza yedwa owoKhozi FM ngenxa yezikhalazo'

Kuthiwa siphume sabaleka endlini ngemuva kokudutshulwa, kanti sizowela phansi emgwaqeni.

"Ngeshwa, bekungekho ebebesangakwenza abosizo lokuqala ngaye, ushonele khona endaweni yesigameko,” kusho uVermaak.

Iziphathimandla ziyaphenya.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...