Kudutshulwe kwabulawa umfana,9, kwalimala abanye abantu

2017-09-10 13:33

eKapa - Kudutshulwe kwabulawa umfana oneminyaka eyisishiyagalolunye kuqubuka udlame e-Ocean View eKapa.

Lokhu kuvezwe ngamaphoyisa ngesitatimende kanti lokhu kwenzeke ngoMgqibelo ekuseni.

Kulesi sigameko, kulimale amadoda amabili aneminyaka engu-19 no-26 ubudala kanye nowesimame,28, baphuthunyiswe esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Ishonile ingane eshayiswe yimoto ebihamba ngesivinini esikhulu

“Kusungulwe ithimba labaseshi elizophenya ngaleli cala futhi lilandele nomkhondo wabasolwa,”kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Ngokusho kwekhansela lakule ndawo uPatricia Francke‚ lithi imibiko engaqinisekisiwe ithi abasolwa abayimigulukudu bagasele kulo muzi bavulela ngenhlamvu emndenini.

“Kubuhlungu ukuthi kushone ingane engenalo icala kukho konke lokhu. Ugogo wale ngane ungumholi emphakathini futhi lomndeni uhlonishwa kakhulu,”kusho uFrancke.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...